Wethule incwadi ngempilo yakhe uRobert Marawa

U-ROBERT Marawa, oyintandokazi kwezemidlalo, usanda kwethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe. Le ncwadi esihloko sayo sithi, ‘Gqimm Shelele’ ilandisa ngokukhula kwakhe, imfundo yakhe yamabanga aphansi, nokuqala kwakhe ukusebenza emsakazweni nakumabonakude ezinhlelweni eziningi zezemidlalo. Lencwadi itholakala ezitolo ezikhethekile lapho okudayiswa khona izincwadi.

Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

IT was a beautiful, sunny Sunday morning in October 2023 when we made our way to Makro Arbour Crossing in Amanzimtoti to take part in a recycling campaign they were running in partnership with the E-Waste Recycling Authority (ERA). We had seen an advert on Facebook which was promoting a bring-your-junk-for-Makro-vouchers promo and we decided… Continue reading Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

Wethula izinkulumo aveza kuzo amaqiniso ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni

OWESIFAZANE osekhulile, osebe nguthishelakazi iminyaka engu-32, odabuka endaweni yase Nondweni eNquthu, uthathe isinyathelo sokuthi agonyuluke, akhulume ngempilo yakhe emva kokuhlukumezeka emshadweni wakhe.  UNkk Nozipho Mabaso uqale lo mkhankaso ngenhloso yokugqugquzela abantu besifazane nabesilisa abashadile ukuthi baphumele obala, bayisho into ebahlupha emphefumlweni ngoba uyalapheka uma uyikhiphela ngaphandle. Umkhankaso ka Nozipho usukhule kangangokuba usumhlanganise ikakhulukazi nabantu besifazane abaningi… Continue reading Wethula izinkulumo aveza kuzo amaqiniso ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni

Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo

UMFIHLAKALO Ndwandwe (31), ongumbhali wezincwadi zezindawo ezinemilando, uthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu ayazi imvelaphi yakhe futhi kube namabhuku lapho imindeni izobhala khona imilando yayo (genealogy books) ukuze igcinelwe izizukulwane ezizayo.  UMfihlakalo odabuka eKing DinuZulu, uneziqu emkhakheni wezolimo. Ubuye asebenze ukuhambisa izivakashi ezindaweni ezinomlando (tour guide).  Incwadi yakhe yokuqala wayibhala ngo 2006 nokho wangayiqeda. Ngonyaka u… Continue reading Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo

Uzimisele ukuba ngushampeni wabesifazane kwezokugijima

UMHLELI Omkhulu we-ULUSHO NEWS, u MBALI DHLOMO (MD), uthole ithuba lokuxoxisana no NCAMSILE NDLOVU (NN) ongumsubathi wesifazane osezakhele igama kwezokugijima KwaZulu-Natal. MD: Sicela usichazele ngemvelaphi yakho. NN: Ngizalelwe ngakhulela eNsimbini eMahlabathini, kanti nemfundo yami yamabanga aphansi ngiyenzele khona, njengoba ngifunde eKuhlekwethu Primary School. MD: Wakuqala nini ukuba ngumsubathi? NN: Ukugijima ngikuqale ngisese sikoleni kodwa ngabuye… Continue reading Uzimisele ukuba ngushampeni wabesifazane kwezokugijima

Published
Categorized as Ezemidlalo

Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

INTUTHUKO NEWCASTLE UKUSWELA umsebenzi wokuqashwa akuzange kuzidikibalise izinsizwa ezintathu ezihlala eSection 4 eMadadeni njengoba zikhethe ukusungula ibhizinisi lokuwashela abantu amateki. Ngokusho kuka Sabelo Khoza (28) okunguyena owaba nalo mbono, lo msebenzi bawuqala ngo 2021 emva kwe-lockdown eyayidalwe i-COVID-19. “Siqale ngokudayisa ugwayi ngasekhaya. Sithe uma sibona ukuthi ibhizinisi liyakhula, nemali iyanda, sacabanga enye into esingayenza, sakhetha… Continue reading Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM

ULUSHO NEWS UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iZululand FM, etholakala ku-97.0 FM, uthi ukugaba ngephimbo lokusakaza akunanzuzo kulezi zinsuku uma ungenazo izicucu zemfundo ngoba indima yokusakaza ishintsha nsuku zonke. UThandwayimi ‘Siyalophikela’ Zwane (28) ushayela uhlelo olwaziwa nge ‘Hellow’ oluba njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusukela ngo-12:00 kuya ku-15:00 ntambama kwi Zululand FM ezinze edolobheni iMelmoth. Lo msakazi ungowase… Continue reading Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM

Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

SIBANINGI okuyake kuthi uma siqeda ukudla, sidonse i-toothpick, sivungule ukudla okubhajwe emazinyweni ethu! Odokotela bamazinyo (dentists) bathi lokhu akulungile neze, futhi akumele ngabe siyakwenza ngoba kulimaza amazinyo, kwesinye isikhathi kwenza amazinyo ophe igazi ngenxa yokuhlokolozwa, noma kuvuvukalise izinsini. Odokotela bamazinyo babuye baxwayise nangokuthi i-toothpick ingenza kulimale umthofi (filling) uma ugcwalise amazinyo akho. Bathi futhi uma… Continue reading Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

Yenza okuhlukile insizwa ethunga ama-bullet-proof vests

UVELE ahluleke nokuchaza, afikelwe yizinyembezi owesilisa osemncane waseMsinga oxhaswe ngemishini yokuthunga uMasipala wesiFunda uMzinyathi ngaphansi koPhiko lwe-Mzinyathi Development Agency. UMnu Mnandisa Mntungwa (osezithombeni) owenze izifundo zokusika ingqephu uthi namanje ngabe usabhuquza ekhaya ukube uMasipala awumxhasanga ngezinsiza-kusebenza ukuze avule ibhizinisi lokuthunga. Ngoxhaso lwale-Agency, uMnu Mntungwa uthengelwe imishini emibili engama-industrial sewing machines kanye ne-overlocker. Ngale mishini uthunga… Continue reading Yenza okuhlukile insizwa ethunga ama-bullet-proof vests

Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall

UMDWEBO: Sizobukeka kanje isithabathaba se-mall ezoba ngu 30 000 m2 ubukhulu, ezokwaziwa ngokuthi yi-Princess Mkabayi Mall e-Vryheid. Ngokusho kwenye yezinkampani ezingabakhi bale-mall, i-Moolmangroup, baqoke ukuyakha kule ndawo ngenxa yokuthuthuka nokwenyuka kwesibalo sabantu baleli dolobha namaphethelo. I-Princess Mkabayi Mall izoba ngaphandle kancane kwedolobha i-Vryheid kanti ayikude nezikole namalokishi. Phakathi kwezitolo ezihlongozwayo, kuzoba khona uShoprite, Checkers, Woolworths,… Continue reading Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall