Izindaba (News)

UNico uzinikele ekuxhaseni abantu abaswele

UNico nomndeni wakhe omlekelelayo kwinhlangano yakhe.

U NICHOLAS ‘Nico’ Jacobus (54) wayisungula ngo 2014 inhlangano yakhe engenzi nzuzo (NPO) i-Nico’s Support Group ese Newcastle ngenhloso yokusiza abantu abaswele, nokubonga uNkulunkulu ngokumbuyisela esimweni ayisona manje empilweni emva kokulimala phambilini ngenkathi esengumdali we-rugby.

“Kwaba nzima kakhulu kumina emva kokulimala. Odokotela bangitshela ukuthi ngiyothi ngineminyaka engu-40 ngibe ngingasakwazi ukuhamba. Kodwa ngomusa kaNkulunkulu, ngiyaphila. Yingakho kubalulekile kimina ukusiza umphakathi ngoba kuwukubonga ukuthi impilo yami yahlengwa.”

U Nico nomndeni wakhe basiza abantu abaswele ngokubapha ukudla zonke izinsuku. “Babalelwa ku-340 abantu esibapha ukudla njalo ngo 4pm phakathi neviki.

Lokhu kudla sikuthola ezitolo ezinkulu ezimbili (2) zalapha eNewcastle, okuyizona ezisixhasa ngokudla esikunikeze abantu.”

Kunendlela elandelwayo uma abantu bezonikwa ukudla kwa-Nico. “Sine-rejista esiyigcinayo yabo bonke abantu esibaxhasayo. Uma umuntu efika, siyake sicele asinike ikhophi ye-ID yakhe ukuqinisekisa ukuthi nguyena ngempela othola ukudla.”

Nakuba eluthola uxhaso lokudla oluvela ezitolo ezinkulu, u Nico uyasho ukuthi usebenzisa imali yakhe kwezinye izinto. “Uma ngiyolanda ukudla, ngisebenzisa imoto yami, ngizifakele mina u-petrol. Akukho muntu ongixhasile kulokho. Kodwa akungikhathazi ngoba ngikuthatha njengendlela enginikela ngayo nami kubantu.”

I-NPO ka Nico ibuye ixhase ngokudla ezikoleni nasezinkulisa ezakhele eNewcastle. “Sisebenzisana kakhulu nomNyango wezeNhlalakahle ukulekelela nabanye abantu abadinga uxhaso lokudla.”

Abantu ababasizayo akusibona abahlala edolobheni kuphela. “Kufika nabantu abaqhamuka Osizweni, eMadadeni, e-Utrecht nasemaplazini. Kukhona uMkhulu osuka e-Utrecht ngezinyawo ukuzolanda ukudla. Omunye osuka e-Kilbarchan, naye uhamba ngonyawo eze lapha ukuzothola ukudla. Sikhulu kakhulu isidingo sokudla ngoba kunzima – abantu baphelelwe imisebenzi, balambile. Okuhle ukuthi thina asinqabi muntu – wonke umuntu wamukelekile. Ukudla esikunikeza abantu kuyisibusiso esivela kuMdali, ngakho wonke umuntu okudingayo kumele akuthole.”

Kuyamjabulisa ukuthola izincwadi ezivela kubantu ababasizayo, abasuke bebonga. “Sithola izincwadi eziningi ezivele emindenini esiyisizayo ngokudla. Kumina lokhu kusho ukuthi siyawenza umehluko emphakathini.”

Unxusa abantu abano-plastiki basezitolo ukuthi babaphe bona ukuze bafake ukudla kwabantu uma bezokulanda. “Sihlale sishodelwa ama-plastiki okuphatha, ngize ngiphoqeleke ukuyowathenga kwesinye isikhathi. Yingakho sicela umphakathi ukuthi usiphe uma unawo.”

Unesifiso sokubona wonke umuntu ephila kahle, engaswele. “Ngifisa ukubona umphakathi ubambisana, ungenelela uma kukhona oswele. Kuwumsebenzi wethu sonke ukulekelela abanye abantu uma kudingeka.

“Ngiyafisa futhi ukuyibona le-NPO yethu iba inhlangano enkulu kunalokhu. Uma umsebenzi ukhula, kuyodingeka ukuthi sithole enye indawo eyindlu lapho sizosebenzela khona.

“Engikufundile yilokhu ngiqale ukwenza lo msebenzi ukuthi impilo kumele uyihloniphe ngoba iyajikelana. Baningi abantu abebephila kahle phambilini, kodwa namhlanje asebefika lapha bezolanda ukudla. Isimo sempilo sibenza baswele ngisho isinkwa sodwa lesi. Ngakho kumele uyihloniphe impilo ngaso sonke isikhathi ngoba ngeke ulazi ikusasa ukuthi likuphatheleni.”

 UMA UFISA UKUBAXHASA, THINTA U-NICO KU 072 572 5721.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *