Usengumdlali wase-Dubai u-Ronaldo
Kubikwa ukuthi uzohola u $207 million = R3 billion ngonyaka!
Uzoqale ahlale ehhotela elibiza $300 000 = R5.1 million ngenyanga!
SEZIQINISEKISIWE izindaba zokuthi umdlali ovelele emhlabeni u-Christiano Ronaldo usesayine ukuba ngumdlali weqembu lase-Saudi Arabia i-Al Nassr.
U-Ronaldo (37) usayine isivumelwano sokudlalela leli qembu iminyaka emibili kanti kubhekeke ukuthi ahole isizumbulu semali engu $75 million ngonyaka, okuyimali elinganiselwa ku R1.2 billion. Phezu kweholo, uRonaldo uzobuye athole imali kubaxhasi (commercial sponsors) okuzokwenza isamba sakhe sonyaka sifinyelele ku R3 billion ngonyaka.
Isivumelwano sika-Ronaldo ne-Al Nassr kulindeleke ukuba siphelelwe yisikhathi ngo June 2025.
I-Al Nassr yiqembu elidlala kwi-Saudi Pro League kanti lingelelesibili eliphezulu kule-league. Phakathi kwabadlali abaningi abadumile abakuleli qembu kubalwa u-Vincent Aboubakar ongumdlali wase-Cameroon nodlala ukuba umgadli kwi-Al Nassr, u-Luiz Gustavo, u-Alvaro Gonzalez nonozinti u-David Ospina oke wavimbela i-Arsenal.
Njengoba esanda kufika e-Saudi Arabia, kubikwa ukuthi u-Ronaldo uzoqale ahlale izinyanga ezimbalwa nomndeni wakhe – okuyintombi yakhe nezingane ezinhlanu (5) – ehhotela i-Kingdom Tower, okungelinye lamabhilidi amade kulendawo. Ihhotela azohlala kulona linamagumbi angu-17 kanti lizobiza u $300 000 ngenyanga.
Ngenkathi ethulwa ngokusemthethweni njengo mdlali we-Al Nassr, u-Ronaldo uthe ukujabula kakhulu ukuzohlala e-Middle East. “Ngiyazibonga futhi ngiyajabula ngokuthatha isinqumo esikhulu kangaka empilweni yami. Umsebenzi wami usuphelile e-Europe kanti obekuhlanganise mina nalelo zwekazi, sekuphelile.
“Ngiwine zonke izindebe ebengizidlalela, ngadlala emaqenjini amakhulu futhi. Kumina, ukuba lapha e-Saudi Arabia kuyinselelo entsha nengiyithakasela kakhulu. Ngizimisele ukutshengisa ikhono lami ngokudlulele.”
IZITHOMBE ZICASHUNWE KU:
www.timeoutdubai.com, www.wionews.com, https://gulfnews.com, www.goal.com