Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

UQiniso Mthembu ongowokudabuka kwa-Q eMlazi, ungusomaciko (artist) nomdayisi wezithelo ezitaladini zase Newcastle. Unesifiso sokuba asungule imakethe yakhe ngelinye ilanga.

UQINISO (35) uxoxe noMhleli weNTUTHUKO ngebhizinisi lakhe lokudayisi izithelo.

MD: WAQALA KANJANI KULOMSEBENZI?

QM: Ngafika lapha eNewcastle ngisuka eThekwini, ngizosebenza kwa Transnet. Kuthe uma kuphela i-contract yami yokusebenza ngo 2017, ngathola umsebenzi wokuphatha kwenye indawo yokuwasha izimoto.

MD: YINI INTO EYAKUKHUTHAZA UKUBA UDAYISE EMGWAQWENI?

QM: Okwangikhuthaza kakhulu ukubona omunye uBaba owayephusha inqola (trolley), edayisa izithelo. Ngo 2018, ngayeka e-car wash, ngathola inqola, ngayifaka izithelo, oswidi, ama-chips nokuphuzwayo (cool drinks), ngaqala ngadayisa.

MD: OBANI AMAKHASIMENDE AKHO?

QM: Amakhasimende ami abantu abadlula ngendlela. Abanye ngibathola ku-Facebook njengoba ngibuye ngikhangise nakhona.

MD: YIKUPHI OKUHLUKILE OKWENZAYO UKUHEHA AMAKHASIMENDE AKHO?

QM: Kuningi kakhulu. Abantu ngibaheha ngezinga eliphezulu (quality) lezithelo engizidayisayo. Ngibaheha nangama-combo labo abathanda ukwenza ama-smoothies. Izidlo zami zihlala zi-fresh kanti ngiyasigcina isikhathi sokufika emsebenzini futhi angiphuthi.

MD: YIZIPHI IZINGQINAMBA OBHEKANE NAZO EBHIZINISINI LAKHO?

QM: U-2020 ube nzima kakhulu ngenxa yobhubhane i-COVID-19 njengoba kwakuvalwe izwe. Ingxaki yami enkulu, ngase ngizifake ezikweletini eziningi ngoba ngazi ukuthi zizokhokheleka, kanti angibuzanga elangeni.

MD: YINI OYITHAKASELAYO NGALELIBHIZINISI?

QM: Ngibonga ukuthi kuningi esengikwenzile osekuthuthukise impilo yami, njengokuthenga izimoto ezimbili zomsebenzi.

MD: UNGABAKHUTHAZA UTHINI ABANTU ABASHA?

QM: Abantu abasha kumele bavuke bazithathe ngoba amathuba emisebenzi mancane kakhulu manje. Abasebenzise imiqondo, bangahlali phezu kwama-ideas okwenza imali. Kubalulekile futhi ukuthi bazehlise uma besebenza nabantu, kodwa baqaphele ukuthi bangaxhashazwa ngoba bebona umusa nokuzinikela kwabo.

5 comments

      1. That is great to hear. Sengathi nentsha ingafunda kuyena because you can see that he is a focussed young man…

Leave a comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *