UHAMBE kahle umcimbi ka Mnu Bongele Makhanya wokucela umakoti nokuthembisa umshado obuwenzelwe eMadundube eMbumbulu ngenyanga ka-February 2023. UMnu Makhanya wase Mphusheni ongumsunguli wenhlangano ethuthukisa amakhono, Indlela Ibuzwa Kwabaphambili, utheleke nethimba lakhe labaphelezeli bezocela uNksz Nomkhosi Ndlovu, behambisa nesishikishiki, kwabe sekuphetha ngokuthembisa umshado. Isishikishiki ilapho okusuke kuhanjiswa khona imbuzi nesiklabhu kanye nezimpahla ezisuke zicelwe abantu basemzini.… Continue reading Uthathe umakoti umbhaki ovelele
Month: March 2023
Uzojikeleza izwe umdlalo okhuluma ngobandlululo
KUHLOSWE ukuthi ugcine ufikile nase Thekwini umdlalo weshashalazi obizwa ngokuthi yi-Interrogation Room, okhuluma ngesihluku amabhunu ayesitshengisa abantu abansundu ngesikhathi lelizwe lisabuswa ngaphansi kuka hulumeni wobandlululo. Ngokusho komdidiyeli walo mdlalo uMnu Zwelibanzi Sibiya inhloso yabo ukufundisa intsha ngokwakwenzeka ngesikhathi iNingizimu Africa isengaphansi kwengcindezi. “Kumele intsha yazi lapho lelizwe elisuka khona, yazi ngokuhlukunyezwa kwabansundu ukuze babe nolwazi… Continue reading Uzojikeleza izwe umdlalo okhuluma ngobandlululo
Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi
SEKUYAQALWA kukhunjuzwa labo abasebenzisa ugesi wekhadi ukuthi kusukela emva komhlaka 24 November 2024, ama-meter kagesi angabuyekeziwe (updated), ngeke esawathatha ama-voucher okufaka ugesi. Lokhu kuza emva kwesitatimende esakhishwa inkampani kagesi u-ESKOM ngo 2021 lapho yasho khona ukuthi ngo 2024, i-software okuyiyona eyenza lonke uhlobo lwama-meter kagesi ukuthi lusebenze, izophelelwa yisikhathi. Ngokusho kwabakwa-ESKOM, ukubuyekezwa kwale-software kumahhala kanti… Continue reading Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi
