Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini
USEGCINE elugobile uphondo umnikazi wendawo enemishini yokudlala eyaziwa nge-Fun World Amusement Park esosebeni lolwandle eThekwini emva kokungaboni ngaso linye noMasipala weTheku.
UMnu Nic Steyn uveze ukuthi ngo May 2023 uzoyivala lendawo umndeni wakhe owayisungula eminyakeni engaphezulu kwengu-75 eyedlule njengoba uMasipala weTheku ungavumi ukuvuselela inkontileka yokuyiqasha kwakhe (lease).
Lokhu sekushaqise abantu abaningi abazithandela ukungcebeleka e-beachfront, nalapho le mishini yokudlala yakhelwe khona. Lendawo ithandwa kakhulu nayimindeni efika ukuzozitika ngozwingi nemidlalo eminingi etholakala khona.
Nabadayisi bempahla bakhale kakhulu uma bezwa lezi zindaba. Baveze ukuthi bebevele sebesokola njengoba amadamu okubhukuda izingane ake avalwa uMasipala weTheku eminyakeni emithathu eyedlule, nokwenze sancipha kakhulu isibalo sabantu abavakashela e-beachfront.
Ephendula uMasipala weTheku uveze ukuthi njengoba uMnu Steyn engezukuyivuselela i-lease, kunezinhlelo ophezu kwazo zokuthuthukisa le ndawo ibe sezingeni eliphezulu.
Inhlangano i-Democratic Alliance (DA) ikhale kakhulu ngalesi senzo sika Masipala sokungafuni ukuvuselela i-lease ye-Fun World Amuse- ment Park.
UTHINI UMBONO WAKHO NGALOLU DABA?
SIXOXELE FUTHI NANGALOKHO OKUKHUMBULAYO NGE-FUN WORLD ESETHEKWINI NGENKATHI USAKHULA.
ISITHOMBE: INTERNET
Iyo! zibuhlung kakhulu phela lezi zokuvalwa kwe Fun World Amusement Park. Ngaqala ukufunda kwaMnyandu Lower Primary school ngo1975, ngase ngidlulela kwaMzimba Primary school ngo 1979. Zombili lezikole ezisePietermaritzburg beziba nohamba oluya eThekwini njalo ngaphaphi kokuvalwa kwezikole ngoDisemba. IFun World Amusement Park yenye yezindawo ebesiyithanda kakhulu.
Namanje ngisayithanda noma sengimdala kangaka. Uma kwenzeka ngiye olwandle nomndeni, abantwana bazitika ngozwingi nezinye. Izoba yini lenxenye yeTheku ngaphandle kwalendawo yokuzijabulisa engadli kangako ephoketheni?
Yes, iningi lethu at our age siyayikhumbula lendawo with fond memories. At least ngaleso sikhathi futhi, the precinct was clean, safe and fun to visit. Not what it has become now… Nathi uma kuvaliwe ngamaholidi e-boarding school sasiyivakashela lendawo siyodlala imidlalo nezimoto underground. My only regret is I only went on the cable car once, and I remember I was too scared ngoba ngangisemncane. How I wish I could go on this ride one last time before it closes… #ithekualisafani!