Umbono WoMhleli (Editor's Comment)

Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

INGIDABUKISE kakhulu indaba yokuhlukumezeka kwezingane zesikole ezithola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba kusanda kuphuma udaba oluthi ngenyanga ka-April 2023, izikole eziningi kulesi siFundazwe azibanga nakho ukudla okuphakelwa izingane.

Ngokusho kwemibiko, lokhu kudalwe yizinkinga ezibhekane nenkampani okuthiwa iyona eyaqokwa ukuba ithenge ukudla ikusabalalise kuzona zonke izikole.

Emva kokuzwakala kwalezi zindaba, uMnyango wezeMfundo yamaBanga aPhansi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe Mbali Frazer (osesithombeni) uzamile ukuligqiba leli hlazo, kwasho khona ukuthi umonakalo ubusuvele uhleli obala! Kube sekumenyezelwa ukuthi le nkampani okuyiyona eyayiqokiwe, isimisiwe, ngeke isaziphakela izikole. Kube sekubuyelwa ohlelweni oludala olwalusetshenziswa, kwaqokwa abantu abaseziFundeni zonke KwaZulu-Natal ukuba balethe ukudla ezikoleni.

Yonke lento ingenze ngabuka umonakalo oyake udalwe yilolu hlelo lwama-tender. Esikhathini sanamhlanje, kubukhuni kakhulu ukungenela i-tender ngoba basuke bebaningi kakhulu abantu abasuke begaqele ukuyithola. Lokhu sekwenze osomabhizinisi abaningi ukuthi badikibale ngoba behlale bewafakela ama-tender kepha bengaphumeleli.

Ekujuleni kwemicabango yami ngiyake ngizibuze ukuthi kazi kungaba njani uma engase apheliswe ama-tender, angabe esakhishwa. Kuthi uma kukhona imisebenzi emikhulu, uhulumeni noma oMasipala bangaqoki inkampani eyodwa, kepha bakhethe inhlanganisela yabantu ukuthi benze lowo msebenzi.

Lokhu ngikubona kungaletha ukuthula nokuthembeka kubantu. Kungenza nabantu bafunde ukusebenza ngokubambisana.

Iyadingeka kakhulu imisebenzi kulezi zinsuku kanti akumele kudlalwe ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *