Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini

USEGCINE elugobile uphondo umnikazi wendawo enemishini yokudlala eyaziwa nge-Fun World Amusement Park esosebeni lolwandle eThekwini emva kokungaboni ngaso linye noMasipala weTheku. UMnu Nic Steyn uveze ukuthi ngo May 2023 uzoyivala lendawo umndeni wakhe owayisungula eminyakeni engaphezulu kwengu-75 eyedlule njengoba uMasipala weTheku ungavumi ukuvuselela inkontileka yokuyiqasha kwakhe (lease). Lokhu sekushaqise abantu abaningi abazithandela ukungcebeleka e-beachfront, nalapho… Continue reading Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini

USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

UTHULASIZWE (Sizwe) Biyela (43), insizwa eyaziwa kakhulu eMbumbulu namaphethelo ngemisebenzi yayo encomekayo eyenzayo. Abanye abantu bamazi ngokuba ngumcwali wezinwele (hairstylist) oseqophelweni eliphezulu, kanti abanye bamazi ngokuba ngumpheki nomhlobisi wemicimbi (chef and events decorator) ovelele. USizwe uxoxisane noMhleli weNTUTHUKO uMBALI DHLOMO ngohambo lwakhe. SIXOXELE KAFUSHANE NGEMPILO YAKHO.  SIZWE: Ngazalelwa eMbumbulu, ngafunda khona ngaze ngaphothula u-matric eSibusisiwe… Continue reading USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School

IKHAYELIHLE High School yisikole esise Pitela eMbumbulu esinomlando omuhle njengoba kwafunda abantu abavelele kusona abafana noThandi Mseleku ongumculi we-jazz odume umhlaba wonke, uMthunzi Namba, ongomunye wabasunguli bekwaya ye-gospel eyintandokazi, i-Joyous Celebrations, nabanye abaningi.  Yingakho umphakathi wakule ndawo ukujabulela kakhulu ukubona lesi sikole sithuthukiswa ngohlobo olungakaze lubonwe njengoba silungiswa ngaphakathi nangaphandle, sipendwa, kulungiswa uphahla, amawindi nogesi,… Continue reading Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School

Uthathe umakoti umbhaki ovelele

UHAMBE kahle umcimbi ka Mnu Bongele Makhanya wokucela umakoti nokuthembisa umshado obuwenzelwe eMadundube eMbumbulu ngenyanga ka-February 2023. UMnu Makhanya wase Mphusheni ongumsunguli wenhlangano ethuthukisa amakhono, Indlela Ibuzwa Kwabaphambili, utheleke nethimba lakhe labaphelezeli bezocela uNksz Nomkhosi Ndlovu, behambisa nesishikishiki, kwabe sekuphetha ngokuthembisa umshado. Isishikishiki ilapho okusuke kuhanjiswa khona imbuzi nesiklabhu kanye nezimpahla ezisuke zicelwe abantu basemzini.… Continue reading Uthathe umakoti umbhaki ovelele

Uzojikeleza izwe umdlalo okhuluma ngobandlululo

KUHLOSWE ukuthi ugcine ufikile nase Thekwini umdlalo weshashalazi obizwa ngokuthi yi-Interrogation Room, okhuluma ngesihluku amabhunu ayesitshengisa abantu abansundu ngesikhathi lelizwe lisabuswa ngaphansi kuka hulumeni wobandlululo. Ngokusho komdidiyeli walo mdlalo uMnu Zwelibanzi Sibiya inhloso yabo ukufundisa intsha ngokwakwenzeka ngesikhathi iNingizimu Africa isengaphansi kwengcindezi. “Kumele intsha yazi lapho lelizwe elisuka khona, yazi ngokuhlukunyezwa kwabansundu ukuze babe nolwazi… Continue reading Uzojikeleza izwe umdlalo okhuluma ngobandlululo

Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi

SEKUYAQALWA kukhunjuzwa labo abasebenzisa ugesi wekhadi ukuthi kusukela emva komhlaka 24 November 2024, ama-meter kagesi angabuyekeziwe (updated), ngeke esawathatha ama-voucher okufaka ugesi. Lokhu kuza emva kwesitatimende esakhishwa inkampani kagesi u-ESKOM ngo 2021 lapho yasho khona ukuthi ngo 2024, i-software okuyiyona eyenza lonke uhlobo lwama-meter kagesi ukuthi lusebenze, izophelelwa yisikhathi. Ngokusho kwabakwa-ESKOM, ukubuyekezwa kwale-software kumahhala kanti… Continue reading Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi

Ushone ezokhipha icwecwe u-AKA

UKUBULAWA ngokudutshulwa kuka-Kiernan Jarryd Forbes (obaziwa ngo-AKA), kuphuce yena nabalandeli bakhe ithuba lokuthakasela ngokuphelele icwecwe (cd) lakhe elisha elethulwe ngomhlaka 24 ku-February 2023. Okudale umunyu omkhulu ngalokhu ukuthi zonke izinhlelo beseziphothuliwe, sekulindwe nje usuku lokuba lelicwecwe elisihloko salo sithi, Mass Country, likhishwe. Nokho izinhlelo ziqhubekile, i-Mass Country yethulelwe umhlaba wonke ngalolu suku, kwashoda yena kuphela… Continue reading Ushone ezokhipha icwecwe u-AKA

Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka

IBUTHO nesizwe bebephume ngobuningi babo ukuyohlalisa iNkosi entsha yakwa Mkhize emva kokukhothama kweNkosi uMoyeni Mkhize. INkosi uSiphakanyisiwe Mkhize ubekwe esihlalweni sobuKhosi emcimbini obuwenzelwe ekhaya ekomkhulu eNhlazuka eRichmond. Umcimbi uqale ngokuba kugezwe isiHlalo njengoba kukhothame enye iNkosi. UMnu Senzeni Mkhize ongomunye wabasebuKhosini uhaye izibongo zeNkosi ebihlaliswa, kwakikiza omama namabutho abegcwele esibayeni elokhu esho njalo ethi, ‘Bayede… Continue reading Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka

Iza eKapa indebe yomhlaba ye-netball

28 July - 06 August 2023

LIYAKHULA isasasa ngomqhudelwano wendebe yomhlaba ezodlalelwa eKapa kusukela ekupheleni kuka July kuze kube u-August 2023. I-Netball World Cup 2023 izodlalelwa okokuqala kwizwekazi lase-Africa, kanti kulindeleke ukuba amazwe atheleke ngobuningi bawo, ezodlala kuleli. Angu-16 amaqembu e-netball azobe eqhudelana kulo mncintiswano kanti yonke imidlalo izodlalelwa e-Cape Town International Convention Centre (CTICC). Angu-4 amaqembu aqhamuka kwizwekazi lase-Africa, kubalwa… Continue reading Iza eKapa indebe yomhlaba ye-netball

Published
Categorized as Ezemidlalo

Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

UQiniso Mthembu ongowokudabuka kwa-Q eMlazi, ungusomaciko (artist) nomdayisi wezithelo ezitaladini zase Newcastle. Unesifiso sokuba asungule imakethe yakhe ngelinye ilanga. UQINISO (35) uxoxe noMhleli weNTUTHUKO ngebhizinisi lakhe lokudayisi izithelo. MD: WAQALA KANJANI KULOMSEBENZI? QM: Ngafika lapha eNewcastle ngisuka eThekwini, ngizosebenza kwa Transnet. Kuthe uma kuphela i-contract yami yokusebenza ngo 2017, ngathola umsebenzi wokuphatha kwenye indawo yokuwasha… Continue reading Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni