Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

IT was a beautiful, sunny Sunday morning in October 2023 when we made our way to Makro Arbour Crossing in Amanzimtoti to take part in a recycling campaign they were running in partnership with the E-Waste Recycling Authority (ERA). We had seen an advert on Facebook which was promoting a bring-your-junk-for-Makro-vouchers promo and we decided… Continue reading Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

Wethula izinkulumo aveza kuzo amaqiniso ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni

OWESIFAZANE osekhulile, osebe nguthishelakazi iminyaka engu-32, odabuka endaweni yase Nondweni eNquthu, uthathe isinyathelo sokuthi agonyuluke, akhulume ngempilo yakhe emva kokuhlukumezeka emshadweni wakhe.  UNkk Nozipho Mabaso uqale lo mkhankaso ngenhloso yokugqugquzela abantu besifazane nabesilisa abashadile ukuthi baphumele obala, bayisho into ebahlupha emphefumlweni ngoba uyalapheka uma uyikhiphela ngaphandle. Umkhankaso ka Nozipho usukhule kangangokuba usumhlanganise ikakhulukazi nabantu besifazane abaningi… Continue reading Wethula izinkulumo aveza kuzo amaqiniso ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni

Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo

UMFIHLAKALO Ndwandwe (31), ongumbhali wezincwadi zezindawo ezinemilando, uthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu ayazi imvelaphi yakhe futhi kube namabhuku lapho imindeni izobhala khona imilando yayo (genealogy books) ukuze igcinelwe izizukulwane ezizayo.  UMfihlakalo odabuka eKing DinuZulu, uneziqu emkhakheni wezolimo. Ubuye asebenze ukuhambisa izivakashi ezindaweni ezinomlando (tour guide).  Incwadi yakhe yokuqala wayibhala ngo 2006 nokho wangayiqeda. Ngonyaka u… Continue reading Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo

Uzimisele ukuba ngushampeni wabesifazane kwezokugijima

UMHLELI Omkhulu we-ULUSHO NEWS, u MBALI DHLOMO (MD), uthole ithuba lokuxoxisana no NCAMSILE NDLOVU (NN) ongumsubathi wesifazane osezakhele igama kwezokugijima KwaZulu-Natal. MD: Sicela usichazele ngemvelaphi yakho. NN: Ngizalelwe ngakhulela eNsimbini eMahlabathini, kanti nemfundo yami yamabanga aphansi ngiyenzele khona, njengoba ngifunde eKuhlekwethu Primary School. MD: Wakuqala nini ukuba ngumsubathi? NN: Ukugijima ngikuqale ngisese sikoleni kodwa ngabuye… Continue reading Uzimisele ukuba ngushampeni wabesifazane kwezokugijima

Published
Categorized as Ezemidlalo

Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

INGIDABUKISE kakhulu indaba yokuhlukumezeka kwezingane zesikole ezithola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba kusanda kuphuma udaba oluthi ngenyanga ka-April 2023, izikole eziningi kulesi siFundazwe azibanga nakho ukudla okuphakelwa izingane. Ngokusho kwemibiko, lokhu kudalwe yizinkinga ezibhekane nenkampani okuthiwa iyona eyaqokwa ukuba ithenge ukudla ikusabalalise kuzona zonke izikole. Emva kokuzwakala kwalezi zindaba, uMnyango wezeMfundo yamaBanga aPhansi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe… Continue reading Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

Amanye amalungelo ayasibulala isizwe

KUYADUMAZA ukubona indlela izingane ezisakhulayo ezingasenandaba ngayo nokuhlonipha abantu abadala. Isibonelo sokuqala nje, uma ugibele ibhasi kwakuba yihlazo elibi sisebancane ukuthi uyingane uhlale esihlalweni umuntu omdala ame uma ibhasi ligcwele. Wawusukuma uqhashe, umdedele umuntu omdala ahlale bese ekuphathela izikhwama sezincwadi zakho. Namhlanje akusekho lokho. Ufica ezinye izingane zihleli phansi, abantu abadala bemile ebhasini. Uma uzibuza,… Continue reading Amanye amalungelo ayasibulala isizwe