Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?

Pregnant woman with her tummy. Realistic female portrait - beautiful face, hairstyle, african-american ethnicity. Beauty dressed in vivid clothes, touching the belly. Side view. Perfect vector.

SEKUYI NSAKAVUKELA, umchilo wesidwaba ukubona abafundi abakhulelwe abangaphansi kweminyaka engu-19 emiphakathini esihlala kuyona. Ucwaningo olusanda kwenziwa lutshengisa ukuthi iNingizimu Africa inesibalo esiphezulu kakhulu sentsha ekhulelwayo kunawo wonke amazwe emhlabeni, kanti iminyaka yamantombazane akhulelwayo isukela ku-10 weminyaka! Ezweni lonke, abalelwa ngaphezulu kuka 90 000 amantombazane akhulelwa esafunda ezikoleni zamabanga aphansi phakathi kuka 2021 no 2022, kanti… Continue reading Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?

Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

INGIDABUKISE kakhulu indaba yokuhlukumezeka kwezingane zesikole ezithola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba kusanda kuphuma udaba oluthi ngenyanga ka-April 2023, izikole eziningi kulesi siFundazwe azibanga nakho ukudla okuphakelwa izingane. Ngokusho kwemibiko, lokhu kudalwe yizinkinga ezibhekane nenkampani okuthiwa iyona eyaqokwa ukuba ithenge ukudla ikusabalalise kuzona zonke izikole. Emva kokuzwakala kwalezi zindaba, uMnyango wezeMfundo yamaBanga aPhansi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe… Continue reading Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

Intsha ivule i-creche eMadundube

ABESIFAZANE abasebasha bavule inkulisa iSakha Ikusasa Day Care Centre eMphephethwa eMadundube ngaphansi kweNkosi uMkhize. Ngokusho kwabo, bahlangana baba bathathu (3) – uNksz Bongekile Shozi, uNksz Zethu Mkhize kanye no Nksz Luyanda Shange – bayivula lenkulisa ngo January 2022. “Ngokubona isidingo, sahlangana nodadewethu ngo November 2021 sayisungula inkulisa endaweni yangakithi njengoba yayingekho phambilini,” kusho uNksz Shange.… Continue reading Intsha ivule i-creche eMadundube

Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela

IMPILO ayiphindanga yafana kwizakhamizi ezisuka ezindaweni esize-south coast emva kwezikhukhula zanyakenye ezagugula ingxenye yebhuloho elihamba ujantshi wesitimela esisuka eThekwini siya e-south coast. Ngenkathi kuhlasele lezi zikhukhula ngonyaka odlule, ibhuloho elihamba izitimela elinqamula phezulu komfula Ilovu, lanqamuka phakathi laguguleka. Izitimela ebezivamise ukusuka eThekwini zilibangise eKelso eMzinto azisakwazi ukuhamba ngenxa yalesi sehlakalo kanti okwamanje zijika eZimbokodweni. Lokhu… Continue reading Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela

Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole

ISIKOLE Indlandlama Combined Primary School engase Madundube sihlomule ngoxhaso lwezinto zokudlala ezilekelela abantwana besikole ukuthi banyakazise imizimba yabo uma besesikoleni. Ngokusho kuka Thishanhloko uMnu V. Mbambo, lolu xhaso luvela kudokotela onezindlu zokusebenzela eSiphingo. “Ngenxa yokusebenzisana okuhle okuphakathi kuka Dkt M. Mzukwa kanye nothisha besikole sethu, uDkt Mzukwa ubehlale ebabuza ukuthi yini angayenzela isikole njengoba ebuye… Continue reading Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole

Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

UKUCISHA nokukhanya kuka gesi (load-shedding) kwenza iningi lethu lingakwazi ukusebenza kahle kulezi zinsuku. Uthi la usazimisele wenza umsebenzi, kuvele kuhambe ugesi, kucishe wena computer, kucishe wena cingo, kuphele ne-network. Angiphathi khona uma kunento ejahekile okumele uyenze – uvele ufikelwe isibhocobhoco ngoba uvele uphoqeleke ukuthi uhlale ugqolozele izindonga, noma ungene engutsheni ulale. Yingakho umbuzo enginawo uthi,… Continue reading Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini

USEGCINE elugobile uphondo umnikazi wendawo enemishini yokudlala eyaziwa nge-Fun World Amusement Park esosebeni lolwandle eThekwini emva kokungaboni ngaso linye noMasipala weTheku. UMnu Nic Steyn uveze ukuthi ngo May 2023 uzoyivala lendawo umndeni wakhe owayisungula eminyakeni engaphezulu kwengu-75 eyedlule njengoba uMasipala weTheku ungavumi ukuvuselela inkontileka yokuyiqasha kwakhe (lease). Lokhu sekushaqise abantu abaningi abazithandela ukungcebeleka e-beachfront, nalapho… Continue reading Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini

USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

UTHULASIZWE (Sizwe) Biyela (43), insizwa eyaziwa kakhulu eMbumbulu namaphethelo ngemisebenzi yayo encomekayo eyenzayo. Abanye abantu bamazi ngokuba ngumcwali wezinwele (hairstylist) oseqophelweni eliphezulu, kanti abanye bamazi ngokuba ngumpheki nomhlobisi wemicimbi (chef and events decorator) ovelele. USizwe uxoxisane noMhleli weNTUTHUKO uMBALI DHLOMO ngohambo lwakhe. SIXOXELE KAFUSHANE NGEMPILO YAKHO.  SIZWE: Ngazalelwa eMbumbulu, ngafunda khona ngaze ngaphothula u-matric eSibusisiwe… Continue reading USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School

IKHAYELIHLE High School yisikole esise Pitela eMbumbulu esinomlando omuhle njengoba kwafunda abantu abavelele kusona abafana noThandi Mseleku ongumculi we-jazz odume umhlaba wonke, uMthunzi Namba, ongomunye wabasunguli bekwaya ye-gospel eyintandokazi, i-Joyous Celebrations, nabanye abaningi.  Yingakho umphakathi wakule ndawo ukujabulela kakhulu ukubona lesi sikole sithuthukiswa ngohlobo olungakaze lubonwe njengoba silungiswa ngaphakathi nangaphandle, sipendwa, kulungiswa uphahla, amawindi nogesi,… Continue reading Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School

Uthathe umakoti umbhaki ovelele

UHAMBE kahle umcimbi ka Mnu Bongele Makhanya wokucela umakoti nokuthembisa umshado obuwenzelwe eMadundube eMbumbulu ngenyanga ka-February 2023. UMnu Makhanya wase Mphusheni ongumsunguli wenhlangano ethuthukisa amakhono, Indlela Ibuzwa Kwabaphambili, utheleke nethimba lakhe labaphelezeli bezocela uNksz Nomkhosi Ndlovu, behambisa nesishikishiki, kwabe sekuphetha ngokuthembisa umshado. Isishikishiki ilapho okusuke kuhanjiswa khona imbuzi nesiklabhu kanye nezimpahla ezisuke zicelwe abantu basemzini.… Continue reading Uthathe umakoti umbhaki ovelele