Ushone ezokhipha icwecwe u-AKA

UKUBULAWA ngokudutshulwa kuka-Kiernan Jarryd Forbes (obaziwa ngo-AKA), kuphuce yena nabalandeli bakhe ithuba lokuthakasela ngokuphelele icwecwe (cd) lakhe elisha elethulwe ngomhlaka 24 ku-February 2023. Okudale umunyu omkhulu ngalokhu ukuthi zonke izinhlelo beseziphothuliwe, sekulindwe nje usuku lokuba lelicwecwe elisihloko salo sithi, Mass Country, likhishwe. Nokho izinhlelo ziqhubekile, i-Mass Country yethulelwe umhlaba wonke ngalolu suku, kwashoda yena kuphela… Continue reading Ushone ezokhipha icwecwe u-AKA

Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka

IBUTHO nesizwe bebephume ngobuningi babo ukuyohlalisa iNkosi entsha yakwa Mkhize emva kokukhothama kweNkosi uMoyeni Mkhize. INkosi uSiphakanyisiwe Mkhize ubekwe esihlalweni sobuKhosi emcimbini obuwenzelwe ekhaya ekomkhulu eNhlazuka eRichmond. Umcimbi uqale ngokuba kugezwe isiHlalo njengoba kukhothame enye iNkosi. UMnu Senzeni Mkhize ongomunye wabasebuKhosini uhaye izibongo zeNkosi ebihlaliswa, kwakikiza omama namabutho abegcwele esibayeni elokhu esho njalo ethi, ‘Bayede… Continue reading Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka

Amanye amalungelo ayasibulala isizwe

KUYADUMAZA ukubona indlela izingane ezisakhulayo ezingasenandaba ngayo nokuhlonipha abantu abadala. Isibonelo sokuqala nje, uma ugibele ibhasi kwakuba yihlazo elibi sisebancane ukuthi uyingane uhlale esihlalweni umuntu omdala ame uma ibhasi ligcwele. Wawusukuma uqhashe, umdedele umuntu omdala ahlale bese ekuphathela izikhwama sezincwadi zakho. Namhlanje akusekho lokho. Ufica ezinye izingane zihleli phansi, abantu abadala bemile ebhasini. Uma uzibuza,… Continue reading Amanye amalungelo ayasibulala isizwe

Iza eKapa indebe yomhlaba ye-netball

28 July - 06 August 2023

LIYAKHULA isasasa ngomqhudelwano wendebe yomhlaba ezodlalelwa eKapa kusukela ekupheleni kuka July kuze kube u-August 2023. I-Netball World Cup 2023 izodlalelwa okokuqala kwizwekazi lase-Africa, kanti kulindeleke ukuba amazwe atheleke ngobuningi bawo, ezodlala kuleli. Angu-16 amaqembu e-netball azobe eqhudelana kulo mncintiswano kanti yonke imidlalo izodlalelwa e-Cape Town International Convention Centre (CTICC). Angu-4 amaqembu aqhamuka kwizwekazi lase-Africa, kubalwa… Continue reading Iza eKapa indebe yomhlaba ye-netball

Published
Categorized as Ezemidlalo

Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

UQiniso Mthembu ongowokudabuka kwa-Q eMlazi, ungusomaciko (artist) nomdayisi wezithelo ezitaladini zase Newcastle. Unesifiso sokuba asungule imakethe yakhe ngelinye ilanga. UQINISO (35) uxoxe noMhleli weNTUTHUKO ngebhizinisi lakhe lokudayisi izithelo. MD: WAQALA KANJANI KULOMSEBENZI? QM: Ngafika lapha eNewcastle ngisuka eThekwini, ngizosebenza kwa Transnet. Kuthe uma kuphela i-contract yami yokusebenza ngo 2017, ngathola umsebenzi wokuphatha kwenye indawo yokuwasha… Continue reading Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding

BAKHALA mihla namalanga abantu base Ningizimu Africa ngenxa yokulimala kwempahla yabo esebenza ngogesi njengoba inkampani eyethulela lelizwe ugesi u-ESKOM, iwucisha iwukhanyisa nsukuzonke ugesi. Nakuba sekuneminyaka engaphezulu kuka-15 yilokhu yaqala kulelizwe i-load-shedding, kuyiqiniso elimsulwa ukuthi kusukela ngonyaka u-2022, yilapho okuqale khona ukukhuphuka kwezigaba (stages) zayo ngamalengiso njengoba kuyimanje izwe liyake libe ku-stage 06 kuya ku stage… Continue reading Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding