OWESIFAZANE osekhulile, osebe nguthishelakazi iminyaka engu-32, odabuka endaweni yase Nondweni eNquthu, uthathe isinyathelo sokuthi agonyuluke, akhulume ngempilo yakhe emva kokuhlukumezeka emshadweni wakhe. UNkk Nozipho Mabaso uqale lo mkhankaso ngenhloso yokugqugquzela abantu besifazane nabesilisa abashadile ukuthi baphumele obala, bayisho into ebahlupha emphefumlweni ngoba uyalapheka uma uyikhiphela ngaphandle. Umkhankaso ka Nozipho usukhule kangangokuba usumhlanganise ikakhulukazi nabantu besifazane abaningi… Continue reading Wethula izinkulumo aveza kuzo amaqiniso ngokuhlukumezeka kwakhe emshadweni
Category: Izindaba (News)
Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo
UMFIHLAKALO Ndwandwe (31), ongumbhali wezincwadi zezindawo ezinemilando, uthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu ayazi imvelaphi yakhe futhi kube namabhuku lapho imindeni izobhala khona imilando yayo (genealogy books) ukuze igcinelwe izizukulwane ezizayo. UMfihlakalo odabuka eKing DinuZulu, uneziqu emkhakheni wezolimo. Ubuye asebenze ukuhambisa izivakashi ezindaweni ezinomlando (tour guide). Incwadi yakhe yokuqala wayibhala ngo 2006 nokho wangayiqeda. Ngonyaka u… Continue reading Uphethe imfihlo yomlando uMfihlakalo
Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?
SEKUYI NSAKAVUKELA, umchilo wesidwaba ukubona abafundi abakhulelwe abangaphansi kweminyaka engu-19 emiphakathini esihlala kuyona. Ucwaningo olusanda kwenziwa lutshengisa ukuthi iNingizimu Africa inesibalo esiphezulu kakhulu sentsha ekhulelwayo kunawo wonke amazwe emhlabeni, kanti iminyaka yamantombazane akhulelwayo isukela ku-10 weminyaka! Ezweni lonke, abalelwa ngaphezulu kuka 90 000 amantombazane akhulelwa esafunda ezikoleni zamabanga aphansi phakathi kuka 2021 no 2022, kanti… Continue reading Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?
Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela
IMPILO ayiphindanga yafana kwizakhamizi ezisuka ezindaweni esize-south coast emva kwezikhukhula zanyakenye ezagugula ingxenye yebhuloho elihamba ujantshi wesitimela esisuka eThekwini siya e-south coast. Ngenkathi kuhlasele lezi zikhukhula ngonyaka odlule, ibhuloho elihamba izitimela elinqamula phezulu komfula Ilovu, lanqamuka phakathi laguguleka. Izitimela ebezivamise ukusuka eThekwini zilibangise eKelso eMzinto azisakwazi ukuhamba ngenxa yalesi sehlakalo kanti okwamanje zijika eZimbokodweni. Lokhu… Continue reading Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela
Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole
ISIKOLE Indlandlama Combined Primary School engase Madundube sihlomule ngoxhaso lwezinto zokudlala ezilekelela abantwana besikole ukuthi banyakazise imizimba yabo uma besesikoleni. Ngokusho kuka Thishanhloko uMnu V. Mbambo, lolu xhaso luvela kudokotela onezindlu zokusebenzela eSiphingo. “Ngenxa yokusebenzisana okuhle okuphakathi kuka Dkt M. Mzukwa kanye nothisha besikole sethu, uDkt Mzukwa ubehlale ebabuza ukuthi yini angayenzela isikole njengoba ebuye… Continue reading Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole
Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini
USEGCINE elugobile uphondo umnikazi wendawo enemishini yokudlala eyaziwa nge-Fun World Amusement Park esosebeni lolwandle eThekwini emva kokungaboni ngaso linye noMasipala weTheku. UMnu Nic Steyn uveze ukuthi ngo May 2023 uzoyivala lendawo umndeni wakhe owayisungula eminyakeni engaphezulu kwengu-75 eyedlule njengoba uMasipala weTheku ungavumi ukuvuselela inkontileka yokuyiqasha kwakhe (lease). Lokhu sekushaqise abantu abaningi abazithandela ukungcebeleka e-beachfront, nalapho… Continue reading Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini
Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School
IKHAYELIHLE High School yisikole esise Pitela eMbumbulu esinomlando omuhle njengoba kwafunda abantu abavelele kusona abafana noThandi Mseleku ongumculi we-jazz odume umhlaba wonke, uMthunzi Namba, ongomunye wabasunguli bekwaya ye-gospel eyintandokazi, i-Joyous Celebrations, nabanye abaningi. Yingakho umphakathi wakule ndawo ukujabulela kakhulu ukubona lesi sikole sithuthukiswa ngohlobo olungakaze lubonwe njengoba silungiswa ngaphakathi nangaphandle, sipendwa, kulungiswa uphahla, amawindi nogesi,… Continue reading Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School
Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi
SEKUYAQALWA kukhunjuzwa labo abasebenzisa ugesi wekhadi ukuthi kusukela emva komhlaka 24 November 2024, ama-meter kagesi angabuyekeziwe (updated), ngeke esawathatha ama-voucher okufaka ugesi. Lokhu kuza emva kwesitatimende esakhishwa inkampani kagesi u-ESKOM ngo 2021 lapho yasho khona ukuthi ngo 2024, i-software okuyiyona eyenza lonke uhlobo lwama-meter kagesi ukuthi lusebenze, izophelelwa yisikhathi. Ngokusho kwabakwa-ESKOM, ukubuyekezwa kwale-software kumahhala kanti… Continue reading Kunezinguquko ezizayo ngama-meter kagesi
Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka
IBUTHO nesizwe bebephume ngobuningi babo ukuyohlalisa iNkosi entsha yakwa Mkhize emva kokukhothama kweNkosi uMoyeni Mkhize. INkosi uSiphakanyisiwe Mkhize ubekwe esihlalweni sobuKhosi emcimbini obuwenzelwe ekhaya ekomkhulu eNhlazuka eRichmond. Umcimbi uqale ngokuba kugezwe isiHlalo njengoba kukhothame enye iNkosi. UMnu Senzeni Mkhize ongomunye wabasebuKhosini uhaye izibongo zeNkosi ebihlaliswa, kwakikiza omama namabutho abegcwele esibayeni elokhu esho njalo ethi, ‘Bayede… Continue reading Bekuhlaliswa iNkosi entsha eNhlazuka
Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding
BAKHALA mihla namalanga abantu base Ningizimu Africa ngenxa yokulimala kwempahla yabo esebenza ngogesi njengoba inkampani eyethulela lelizwe ugesi u-ESKOM, iwucisha iwukhanyisa nsukuzonke ugesi. Nakuba sekuneminyaka engaphezulu kuka-15 yilokhu yaqala kulelizwe i-load-shedding, kuyiqiniso elimsulwa ukuthi kusukela ngonyaka u-2022, yilapho okuqale khona ukukhuphuka kwezigaba (stages) zayo ngamalengiso njengoba kuyimanje izwe liyake libe ku-stage 06 kuya ku stage… Continue reading Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding
