Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

IT was a beautiful, sunny Sunday morning in October 2023 when we made our way to Makro Arbour Crossing in Amanzimtoti to take part in a recycling campaign they were running in partnership with the E-Waste Recycling Authority (ERA). We had seen an advert on Facebook which was promoting a bring-your-junk-for-Makro-vouchers promo and we decided… Continue reading Our exciting ‘adventure’ to Makro to recycle our old electric junk!

Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

SIBANINGI okuyake kuthi uma siqeda ukudla, sidonse i-toothpick, sivungule ukudla okubhajwe emazinyweni ethu! Odokotela bamazinyo (dentists) bathi lokhu akulungile neze, futhi akumele ngabe siyakwenza ngoba kulimaza amazinyo, kwesinye isikhathi kwenza amazinyo ophe igazi ngenxa yokuhlokolozwa, noma kuvuvukalise izinsini. Odokotela bamazinyo babuye baxwayise nangokuthi i-toothpick ingenza kulimale umthofi (filling) uma ugcwalise amazinyo akho. Bathi futhi uma… Continue reading Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

INGIDABUKISE kakhulu indaba yokuhlukumezeka kwezingane zesikole ezithola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba kusanda kuphuma udaba oluthi ngenyanga ka-April 2023, izikole eziningi kulesi siFundazwe azibanga nakho ukudla okuphakelwa izingane. Ngokusho kwemibiko, lokhu kudalwe yizinkinga ezibhekane nenkampani okuthiwa iyona eyaqokwa ukuba ithenge ukudla ikusabalalise kuzona zonke izikole. Emva kokuzwakala kwalezi zindaba, uMnyango wezeMfundo yamaBanga aPhansi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe… Continue reading Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

UKUCISHA nokukhanya kuka gesi (load-shedding) kwenza iningi lethu lingakwazi ukusebenza kahle kulezi zinsuku. Uthi la usazimisele wenza umsebenzi, kuvele kuhambe ugesi, kucishe wena computer, kucishe wena cingo, kuphele ne-network. Angiphathi khona uma kunento ejahekile okumele uyenze – uvele ufikelwe isibhocobhoco ngoba uvele uphoqeleke ukuthi uhlale ugqolozele izindonga, noma ungene engutsheni ulale. Yingakho umbuzo enginawo uthi,… Continue reading Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

Amanye amalungelo ayasibulala isizwe

KUYADUMAZA ukubona indlela izingane ezisakhulayo ezingasenandaba ngayo nokuhlonipha abantu abadala. Isibonelo sokuqala nje, uma ugibele ibhasi kwakuba yihlazo elibi sisebancane ukuthi uyingane uhlale esihlalweni umuntu omdala ame uma ibhasi ligcwele. Wawusukuma uqhashe, umdedele umuntu omdala ahlale bese ekuphathela izikhwama sezincwadi zakho. Namhlanje akusekho lokho. Ufica ezinye izingane zihleli phansi, abantu abadala bemile ebhasini. Uma uzibuza,… Continue reading Amanye amalungelo ayasibulala isizwe

Abesilisa bathi uyabacasula lo mnqwazi!

BAPHELILE yinsini abantu abaningi ngodaba oluvele ezinkundleni zokuxhumana, nalapho abesilisa abansundu bebezwakalisa khona indlela abangawufuni ngayo umnqwazo osesitayeleni kulezi zinsuku, owaziwa nge-bonnet. Isikhathi esiningi, i-bonnet ifakwa abantu besifazane uma sebelala, ukuvikela izinwele zabo zingahliphizeki uma ziqhiniwe noma zenziwe izitayela ezithize. Ngokusho kwabesilisa, i-bonnet yenza abantu babo besifazane babukeke njengabantu besifazane basemandulo ababeyizigqila zabelungu (slaves). Bathi… Continue reading Abesilisa bathi uyabacasula lo mnqwazi!