Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

INGIDABUKISE kakhulu indaba yokuhlukumezeka kwezingane zesikole ezithola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba kusanda kuphuma udaba oluthi ngenyanga ka-April 2023, izikole eziningi kulesi siFundazwe azibanga nakho ukudla okuphakelwa izingane. Ngokusho kwemibiko, lokhu kudalwe yizinkinga ezibhekane nenkampani okuthiwa iyona eyaqokwa ukuba ithenge ukudla ikusabalalise kuzona zonke izikole. Emva kokuzwakala kwalezi zindaba, uMnyango wezeMfundo yamaBanga aPhansi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe… Continue reading Ibe buhlungu indaba ye-feeding scheme ezikoleni

Intsha ivule i-creche eMadundube

ABESIFAZANE abasebasha bavule inkulisa iSakha Ikusasa Day Care Centre eMphephethwa eMadundube ngaphansi kweNkosi uMkhize. Ngokusho kwabo, bahlangana baba bathathu (3) – uNksz Bongekile Shozi, uNksz Zethu Mkhize kanye no Nksz Luyanda Shange – bayivula lenkulisa ngo January 2022. “Ngokubona isidingo, sahlangana nodadewethu ngo November 2021 sayisungula inkulisa endaweni yangakithi njengoba yayingekho phambilini,” kusho uNksz Shange.… Continue reading Intsha ivule i-creche eMadundube

Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela

IMPILO ayiphindanga yafana kwizakhamizi ezisuka ezindaweni esize-south coast emva kwezikhukhula zanyakenye ezagugula ingxenye yebhuloho elihamba ujantshi wesitimela esisuka eThekwini siya e-south coast. Ngenkathi kuhlasele lezi zikhukhula ngonyaka odlule, ibhuloho elihamba izitimela elinqamula phezulu komfula Ilovu, lanqamuka phakathi laguguleka. Izitimela ebezivamise ukusuka eThekwini zilibangise eKelso eMzinto azisakwazi ukuhamba ngenxa yalesi sehlakalo kanti okwamanje zijika eZimbokodweni. Lokhu… Continue reading Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela