UNico uzinikele ekuxhaseni abantu abaswele

U NICHOLAS ‘Nico’ Jacobus (54) wayisungula ngo 2014 inhlangano yakhe engenzi nzuzo (NPO) i-Nico’s Support Group ngenhloso yokusiza abantu abaswele, nokubonga uNkulunkulu ngokumbuyisela esimweni ayisona manje empilweni emva kokulimala phambilini ngenkathi esengumdali we-rugby.

OGogo noMkhulu bagubhe usuku lwabo

BEKUKUHLE kudelile ngenkathi oGogo noMkhulu base-Balgray eMadlangeni begubha usuku lwabantu abadala (Senior Citizens’ Day) obeluhlelwe yinhlangano yabo i-Balgray Luncheon Club.

Bathi awangabe esafuywa ama-pit bulls emakhaya

EMVA kwezehlakalo eziningi zokulunywa kanye nokufa kwabantu ngenxa yohlobo lwezinja ezingama-pit bulls, amalungu omphakathi ezweni asephakamise ukuthi uhulumeni akakhiphe umthetho othi azingabe zisafuywa emakhaya lezi zinja, noma okungenani, abaninizo mabazihambise ziye ukuyogcinwa enhlanganweni ebhekele ukuphathwa kwezilwane, i-Society for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA).

Kuthe abamudle bamfele u-SASSA!

BADINWE bahluleka nawukukhuluma omama bezingane, omkhulu, ogogo nabakhubazekile njengoba bengaziholanga ngesikhathi izibonelelo zabo zikahulumeni ngasekuqaleni kuka-November 2022. Lokhu kuza emva kokuba inhlangano ebhekele izimpesheni i-South African Social Security Agency (SASSA) ne-South African Post Office (SAPO) behlangabezane nezinkinga ezidale ukuthi amakhulu ezinkulungwane zabantu zingawutholi umholo wazo ngesikhathi. Omunye uMama obe yisisulu sale nkinga obeyohola eRichmond, ubuye… Continue reading Kuthe abamudle bamfele u-SASSA!