SISAKHULA, sasingahlupheki uma sidinga ukubona isikhathi uma sise Thekwini ngoba sasivele siye ePosini elikhulu, sibheke phezulu ewashini, sisithole isikhathi esiqondile.
UNico uzinikele ekuxhaseni abantu abaswele
U NICHOLAS ‘Nico’ Jacobus (54) wayisungula ngo 2014 inhlangano yakhe engenzi nzuzo (NPO) i-Nico’s Support Group ngenhloso yokusiza abantu abaswele, nokubonga uNkulunkulu ngokumbuyisela esimweni ayisona manje empilweni emva kokulimala phambilini ngenkathi esengumdali we-rugby.
Ukhuthaza osomabhizinisi abansundu ukuthi baxhasane
I-XHOKO Car Wash ibhizinisi lika Mnu Mmeli Biyela eliku-Drakensberg Drive e-Barry Hertzog Park eNewcastle.
OGogo noMkhulu bagubhe usuku lwabo
BEKUKUHLE kudelile ngenkathi oGogo noMkhulu base-Balgray eMadlangeni begubha usuku lwabantu abadala (Senior Citizens’ Day) obeluhlelwe yinhlangano yabo i-Balgray Luncheon Club.
Yini imbangela yokulwa kwezingane ezikoleni?
Ziyadumaza kakhulu izigameko esezithanda ukwanda zentsha esafunda isikole, elwayo nenye ebulalanayo ezikoleni.
Iciko lifukule intsha yase Nquthu ngemishini noqeqesho lwe-pottery
KUVULWE isikhungo sokubumba izinkamba, izitsha ezifayo, izitsha zezimbali (flower pots) kanye nezinye izinhlobo zemikhiqizo yobumba eNquthu.
Wethule incwadi ngempilo yakhe uRobert Marawa
U-ROBERT Marawa, oyintandokazi kwezemidlalo, usanda kwethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe. Le ncwadi esihloko sayo sithi, ‘Gqimm Shelele’ ilandisa ngokukhula kwakhe, imfundo yakhe yamabanga aphansi, nokuqala kwakhe ukusebenza emsakazweni nakumabonakude ezinhlelweni eziningi zezemidlalo. Lencwadi itholakala ezitolo ezikhethekile lapho okudayiswa khona izincwadi.
Bathi awangabe esafuywa ama-pit bulls emakhaya
EMVA kwezehlakalo eziningi zokulunywa kanye nokufa kwabantu ngenxa yohlobo lwezinja ezingama-pit bulls, amalungu omphakathi ezweni asephakamise ukuthi uhulumeni akakhiphe umthetho othi azingabe zisafuywa emakhaya lezi zinja, noma okungenani, abaninizo mabazihambise ziye ukuyogcinwa enhlanganweni ebhekele ukuphathwa kwezilwane, i-Society for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA).
Bajabulela ukubuya kwama-Richmond Hustlers’ Awards
Abasunguli balama-Awards okungo Mnu Mboniswa Kunene kanye no Mnu Siyabonga Gigaba base-Richmond bathi inhlosongqangi yawo ukuthi kuklonyeliswe amaphanta enze kahle kuleyo mikhakha agxile kuyona, nokuthi angaziboni evalelwe ngaphandle. Kulama Awards zilishumi nanhlanu (15) izindondo ezikhishwayo, zikhonyeliswe labo abanqobile. Ama-Richmond Hustlers’ Awards aqale ngo 2020 kanti labo asebeke bahlomula kuwona lama-Awards abawuvali umlomo, bathi kubalekelele kakhulu… Continue reading Bajabulela ukubuya kwama-Richmond Hustlers’ Awards
Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu
UNKK Mapule Chiliza ungowesifazane ongakaze avumele izimo ezinzima empilweni ukuthi ziphazamise uhambo lwakhe. UMapule, ongowokuzalwa e-Fairview Mission eMzumbe, uthi umndeni wakhe wathuthela eMbumbulu ngo 1986. “Imfundo yami yamabanga aphansi ngayenza e-Sister Joarn’s High School eBhobhoyi, ngase Murchison. Emva kokushada ngo 1984, ngaqhubeka ngenza i-computer e-Durban Computer College (DCC). Emva kwalokho ngenza i-Diploma in Fashion Design… Continue reading Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu
