Intsha ivule i-creche eMadundube

ABESIFAZANE abasebasha bavule inkulisa iSakha Ikusasa Day Care Centre eMphephethwa eMadundube ngaphansi kweNkosi uMkhize.
Ngokusho kwabo, bahlangana baba bathathu (3) – uNksz Bongekile Shozi, uNksz Zethu Mkhize kanye no Nksz Luyanda Shange – bayivula lenkulisa ngo January 2022.
“Ngokubona isidingo, sahlangana nodadewethu ngo November 2021 sayisungula inkulisa endaweni yangakithi njengoba yayingekho phambilini,” kusho uNksz Shange.
“Siqala ukuthatha abantwana abasuka bezelwe kuya eminyakeni engu-5, kanti sivula njalo ngo 07:30 ekuseni kuze kushaye u 15:00 ntambama besesiba ne-after-care elekelela kakhulu kubazali abasebenzayo.”
Eqhuba uNksz Shange uthe ofisa ukuletha umntwana wamukelekile, kanti uma esuka kude, ukhona ‘uMalume’ obasebenzelayo othutha abantwana ngemoto.

Encoma umsebenzi omuhle owenziwa yile nkulisa, omunye wabazali, uNksz Mbali Mthembu uthe umntwana wakhe waqala ukunakekelwa eSakha Ikusasa kusukela enezinyanga ezinhlanu ezelwe njengoba esenonyaka nezinyanga eziyisithupha manje.
“Engikuthandayo ukuthi umntwana wami ubuya njalo ehlanzekile, esuthi, engalimele ndawo. Uma engaphathekile kahle umntwana bayangitshela ukuze ngizomyisa emtholampilo. Ngiyajabula ngalenkulisa ngoba ingiphathele kahle umntwana wami.”
Lenkulisa idinga uxhaso lokudla, amathoyizi nesakhiwo esivulelekile.
ONGABA NAMANDLA OKUSIZA ANGASHAYELA UNKSZ SHANGE KU 065 749 3683.