USEGCINE elugobile uphondo umnikazi wendawo enemishini yokudlala eyaziwa nge-Fun World Amusement Park esosebeni lolwandle eThekwini emva kokungaboni ngaso linye noMasipala weTheku. UMnu Nic Steyn uveze ukuthi ngo May 2023 uzoyivala lendawo umndeni wakhe owayisungula eminyakeni engaphezulu kwengu-75 eyedlule njengoba uMasipala weTheku ungavumi ukuvuselela inkontileka yokuyiqasha kwakhe (lease). Lokhu sekushaqise abantu abaningi abazithandela ukungcebeleka e-beachfront, nalapho… Continue reading Ziyadumaza ezokuvalwa kwe-Fun World eThekwini
Month: April 2023
USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni
UTHULASIZWE (Sizwe) Biyela (43), insizwa eyaziwa kakhulu eMbumbulu namaphethelo ngemisebenzi yayo encomekayo eyenzayo. Abanye abantu bamazi ngokuba ngumcwali wezinwele (hairstylist) oseqophelweni eliphezulu, kanti abanye bamazi ngokuba ngumpheki nomhlobisi wemicimbi (chef and events decorator) ovelele. USizwe uxoxisane noMhleli weNTUTHUKO uMBALI DHLOMO ngohambo lwakhe. SIXOXELE KAFUSHANE NGEMPILO YAKHO. SIZWE: Ngazalelwa eMbumbulu, ngafunda khona ngaze ngaphothula u-matric eSibusisiwe… Continue reading USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni
Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School
IKHAYELIHLE High School yisikole esise Pitela eMbumbulu esinomlando omuhle njengoba kwafunda abantu abavelele kusona abafana noThandi Mseleku ongumculi we-jazz odume umhlaba wonke, uMthunzi Namba, ongomunye wabasunguli bekwaya ye-gospel eyintandokazi, i-Joyous Celebrations, nabanye abaningi. Yingakho umphakathi wakule ndawo ukujabulela kakhulu ukubona lesi sikole sithuthukiswa ngohlobo olungakaze lubonwe njengoba silungiswa ngaphakathi nangaphandle, sipendwa, kulungiswa uphahla, amawindi nogesi,… Continue reading Muhle umsebenzi owenziwayo ngeKhayelihle High School
