Bajabulela ukubuya kwama-Richmond Hustlers’ Awards

Abasunguli balama-Awards okungo Mnu Mboniswa Kunene kanye no Mnu Siyabonga Gigaba base-Richmond bathi inhlosongqangi yawo ukuthi kuklonyeliswe amaphanta enze kahle kuleyo mikhakha agxile kuyona,  nokuthi angaziboni evalelwe ngaphandle. Kulama Awards zilishumi nanhlanu (15) izindondo ezikhishwayo, zikhonyeliswe labo abanqobile. Ama-Richmond Hustlers’ Awards aqale ngo 2020 kanti labo asebeke bahlomula kuwona lama-Awards abawuvali umlomo, bathi kubalekelele kakhulu… Continue reading Bajabulela ukubuya kwama-Richmond Hustlers’ Awards

Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu

UNKK Mapule Chiliza ungowesifazane ongakaze avumele izimo ezinzima empilweni ukuthi ziphazamise uhambo lwakhe. UMapule, ongowokuzalwa e-Fairview Mission eMzumbe, uthi umndeni wakhe wathuthela eMbumbulu ngo 1986. “Imfundo yami yamabanga aphansi ngayenza e-Sister Joarn’s High School eBhobhoyi, ngase Murchison. Emva kokushada ngo 1984, ngaqhubeka ngenza i-computer e-Durban Computer College (DCC). Emva kwalokho ngenza i-Diploma in Fashion Design… Continue reading Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu

Wayidweba esemncane i-plan ngempilo yakhe

UMKHUBA wokuqoqa afunde iphephandaba labafundi elaziwa nge-Free For All esakhula, uthi yikho okwamgqugquzela ukuba angene emkhakheni wezobuchwepheshe uThabiso Mpilo Hadebe (29) ongowokuzalwa e-Adams Mission. “Ngathi ngenza u-matric, ngase nginenqwaba yawo ekhaya. Into eyayingenza ngiwathande kakhulu ukuthi ayehlale enezeluleko zemikhakha yezemfundo (career guidance) umuntu omusha ayengazilandela.” UThabiso uyasho ukuthi uthando lwakhe lo mculo lwaqala esafunda isikole… Continue reading Wayidweba esemncane i-plan ngempilo yakhe

Abesilisa bathi uyabacasula lo mnqwazi!

BAPHELILE yinsini abantu abaningi ngodaba oluvele ezinkundleni zokuxhumana, nalapho abesilisa abansundu bebezwakalisa khona indlela abangawufuni ngayo umnqwazo osesitayeleni kulezi zinsuku, owaziwa nge-bonnet. Isikhathi esiningi, i-bonnet ifakwa abantu besifazane uma sebelala, ukuvikela izinwele zabo zingahliphizeki uma ziqhiniwe noma zenziwe izitayela ezithize. Ngokusho kwabesilisa, i-bonnet yenza abantu babo besifazane babukeke njengabantu besifazane basemandulo ababeyizigqila zabelungu (slaves). Bathi… Continue reading Abesilisa bathi uyabacasula lo mnqwazi!

Kuthe abamudle bamfele u-SASSA!

BADINWE bahluleka nawukukhuluma omama bezingane, omkhulu, ogogo nabakhubazekile njengoba bengaziholanga ngesikhathi izibonelelo zabo zikahulumeni ngasekuqaleni kuka-November 2022. Lokhu kuza emva kokuba inhlangano ebhekele izimpesheni i-South African Social Security Agency (SASSA) ne-South African Post Office (SAPO) behlangabezane nezinkinga ezidale ukuthi amakhulu ezinkulungwane zabantu zingawutholi umholo wazo ngesikhathi. Omunye uMama obe yisisulu sale nkinga obeyohola eRichmond, ubuye… Continue reading Kuthe abamudle bamfele u-SASSA!