Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

INTUTHUKO NEWCASTLE UKUSWELA umsebenzi wokuqashwa akuzange kuzidikibalise izinsizwa ezintathu ezihlala eSection 4 eMadadeni njengoba zikhethe ukusungula ibhizinisi lokuwashela abantu amateki. Ngokusho kuka Sabelo Khoza (28) okunguyena owaba nalo mbono, lo msebenzi bawuqala ngo 2021 emva kwe-lockdown eyayidalwe i-COVID-19. “Siqale ngokudayisa ugwayi ngasekhaya. Sithe uma sibona ukuthi ibhizinisi liyakhula, nemali iyanda, sacabanga enye into esingayenza, sakhetha… Continue reading Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall

UMDWEBO: Sizobukeka kanje isithabathaba se-mall ezoba ngu 30 000 m2 ubukhulu, ezokwaziwa ngokuthi yi-Princess Mkabayi Mall e-Vryheid. Ngokusho kwenye yezinkampani ezingabakhi bale-mall, i-Moolmangroup, baqoke ukuyakha kule ndawo ngenxa yokuthuthuka nokwenyuka kwesibalo sabantu baleli dolobha namaphethelo. I-Princess Mkabayi Mall izoba ngaphandle kancane kwedolobha i-Vryheid kanti ayikude nezikole namalokishi. Phakathi kwezitolo ezihlongozwayo, kuzoba khona uShoprite, Checkers, Woolworths,… Continue reading Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall

USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

UTHULASIZWE (Sizwe) Biyela (43), insizwa eyaziwa kakhulu eMbumbulu namaphethelo ngemisebenzi yayo encomekayo eyenzayo. Abanye abantu bamazi ngokuba ngumcwali wezinwele (hairstylist) oseqophelweni eliphezulu, kanti abanye bamazi ngokuba ngumpheki nomhlobisi wemicimbi (chef and events decorator) ovelele. USizwe uxoxisane noMhleli weNTUTHUKO uMBALI DHLOMO ngohambo lwakhe. SIXOXELE KAFUSHANE NGEMPILO YAKHO.  SIZWE: Ngazalelwa eMbumbulu, ngafunda khona ngaze ngaphothula u-matric eSibusisiwe… Continue reading USizwe akavumanga ukuthi izimo zimvimbele empilweni

Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

UQiniso Mthembu ongowokudabuka kwa-Q eMlazi, ungusomaciko (artist) nomdayisi wezithelo ezitaladini zase Newcastle. Unesifiso sokuba asungule imakethe yakhe ngelinye ilanga. UQINISO (35) uxoxe noMhleli weNTUTHUKO ngebhizinisi lakhe lokudayisi izithelo. MD: WAQALA KANJANI KULOMSEBENZI? QM: Ngafika lapha eNewcastle ngisuka eThekwini, ngizosebenza kwa Transnet. Kuthe uma kuphela i-contract yami yokusebenza ngo 2017, ngathola umsebenzi wokuphatha kwenye indawo yokuwasha… Continue reading Kuyamphilisa ukudayisa emgwaqweni

Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu

UNKK Mapule Chiliza ungowesifazane ongakaze avumele izimo ezinzima empilweni ukuthi ziphazamise uhambo lwakhe. UMapule, ongowokuzalwa e-Fairview Mission eMzumbe, uthi umndeni wakhe wathuthela eMbumbulu ngo 1986. “Imfundo yami yamabanga aphansi ngayenza e-Sister Joarn’s High School eBhobhoyi, ngase Murchison. Emva kokushada ngo 1984, ngaqhubeka ngenza i-computer e-Durban Computer College (DCC). Emva kwalokho ngenza i-Diploma in Fashion Design… Continue reading Uzosungula isikole sokuthunga owase-Mbumbulu