INTUTHUKO NEWCASTLE UKUSWELA umsebenzi wokuqashwa akuzange kuzidikibalise izinsizwa ezintathu ezihlala eSection 4 eMadadeni njengoba zikhethe ukusungula ibhizinisi lokuwashela abantu amateki. Ngokusho kuka Sabelo Khoza (28) okunguyena owaba nalo mbono, lo msebenzi bawuqala ngo 2021 emva kwe-lockdown eyayidalwe i-COVID-19. “Siqale ngokudayisa ugwayi ngasekhaya. Sithe uma sibona ukuthi ibhizinisi liyakhula, nemali iyanda, sacabanga enye into esingayenza, sakhetha… Continue reading Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki
Month: September 2023
Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM
ULUSHO NEWS UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iZululand FM, etholakala ku-97.0 FM, uthi ukugaba ngephimbo lokusakaza akunanzuzo kulezi zinsuku uma ungenazo izicucu zemfundo ngoba indima yokusakaza ishintsha nsuku zonke. UThandwayimi ‘Siyalophikela’ Zwane (28) ushayela uhlelo olwaziwa nge ‘Hellow’ oluba njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusukela ngo-12:00 kuya ku-15:00 ntambama kwi Zululand FM ezinze edolobheni iMelmoth. Lo msakazi ungowase… Continue reading Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM
Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!
SIBANINGI okuyake kuthi uma siqeda ukudla, sidonse i-toothpick, sivungule ukudla okubhajwe emazinyweni ethu! Odokotela bamazinyo (dentists) bathi lokhu akulungile neze, futhi akumele ngabe siyakwenza ngoba kulimaza amazinyo, kwesinye isikhathi kwenza amazinyo ophe igazi ngenxa yokuhlokolozwa, noma kuvuvukalise izinsini. Odokotela bamazinyo babuye baxwayise nangokuthi i-toothpick ingenza kulimale umthofi (filling) uma ugcwalise amazinyo akho. Bathi futhi uma… Continue reading Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!
