Uzimisele ukuba ngushampeni wabesifazane kwezokugijima

UMHLELI Omkhulu we-ULUSHO NEWS, u MBALI DHLOMO (MD), uthole ithuba lokuxoxisana no NCAMSILE NDLOVU (NN) ongumsubathi wesifazane osezakhele igama kwezokugijima KwaZulu-Natal.

MD: Sicela usichazele ngemvelaphi yakho.

NN: Ngizalelwe ngakhulela eNsimbini eMahlabathini, kanti nemfundo yami yamabanga aphansi ngiyenzele khona, njengoba ngifunde eKuhlekwethu Primary School.

MD: Wakuqala nini ukuba ngumsubathi?

NN: Ukugijima ngikuqale ngisese sikoleni kodwa ngabuye ngayeka. Ngo 2014, ngithathe isinqumo sokubuyela ekugijimeni ngenhloso yokugcina umzimba wami uphilile, uqeqeshekile. Ngo 2017, ngajoyina ngokuphelele eqenjini lokugijima (running club), ngaba umsubathi ozimisele. 

MD: Yimaphi amabanga owagijimayo njengamanje?

NN: Ngigijima imijaho yamabanga angu 21km kanye no 42km. Emabangeni amade (long-distance) ngivamise ukugijima o 50km no 60km.

MD: Ekugcineni, ufisa ukuzibona ukuliphi izinga kwezokugijima?

NN: Inhloso yami enkulu ukuwina yonke imijaho engiyigijimayo. Nokho okwamanje, ayikho imali eyisiteki esikhulu esengike ngahlomula ngayo, ngisalokhu ngiwina izimali ezincane kuphela.

MD: Usuke wayigijima i-Comrades Marathon?

NN: Yebo, bengiqala ukuyigijima kulo nyaka (2023) kanti ngishaye isikhathi esingu 9 hours: 30 minutes, nokuyisikhathi esingijabulise kakhulu.

MD: Uthini umbono wakho njengoba kuwina ikakhulukazi abesifazane abangama-Russians kanye nabamhlophe kwi-Comrades Marathon?

NN: Kona akusijabulisi ukubona abansundu besifazane bengekho kwezokusubatha kulelizwe. Into engiyibona iyingqinamba enkulu, uqeqesho (training) abantu besifazane abansundu abangalutholi ngendlela egculisayo, okwenza bangaveleli kulo mkhakha kulelizwe.

MD: Kungabe ukugijima kuwumkhakha odinga ukuthi ube neminyaka ethile ukuze uphumelele?

NN: Cha. Ukugijima kungenziwa yinoma ubani, uma nje ezimisele, ezilolonga njalo. Nami njengoba nginale minyaka, bakhona futhi baningi abaneminyaka engaphezulu kweyami, abahlale bengishiya. Nami ngokunjalo, baningi abasubathi abancane kunami ngokweminyaka, engibashiya kude le, uma sesise mgwaqweni, sigijima. Yingakho ngihlale ngibakhuthaza njalo abesifazane abansundu ukuthi abangahlali phansi, abazimisele kulo mkhakha wokusubatha.

MD: Kwenzani ukugijima emzimbeni womuntu?

NN: Ukugijima kuyimpilo. Ziningi izifo esinazo thina bantu besifazane abansundu ezenza sigwinye inqwaba yamaphilisi nsuku zonke. Konke lokhu kuyaphela uma unyakazisa umzimba wakho, ujima. Iminyaka yomuntu ayisho lutho. Ungangena emgwaqweni uhambe (walking) noma ugijime khona umzimba wakho uzoqhathulula zonke izifo ezikukhungethe.

MD: Iliphi iqhaza obona ukuthi uhulumeni angalidlala kwezemidlalo, ikakhulukazi kwezokugijima?

NN: Ngiyafisa uhulumeni abambe iqhaza ekusixhaseni ngemali thina bantu besifazane abansundu abangabasubathi ngoba kubiza imali enkulu kakhulu ukungenela imijaho esiyigijimayo. Njengayo nje i-Comrades Marathon, kudingeka ube nemali eningi ukuze ukwazi ukuyingenela. Baningi abantu besifazane abathandayo ukuba ngabasubathi ngokuphelele (professionals), kodwa bashaywe imali okumele bayikhokhe ukungenela le mijaho, bese beyayeka. Ngakho singakujabulela uma uhulumeni engasihlangabeza, asilekelele ngokusixhasa.

MD: Kuniphatha kanjani ukuhluka kwemiklomelo phakathi kweyabesilisa neyabesifazane emidlalweni? 

NN: Njengabasubathi, siyilwile kakhulu leyo mpi eminyakeni edlule, kanti sesiyayibona kancane inhlansi yoshintsho kulokhu. Ngikusho lokhu ngoba imijaho eminingi yanamhlanje isikhipha imiklomelo efanayo kwabesilisa nabesifazane. Kuyasijabulisa kakhulu lokho, ngoba emgwaqweni, ubuhlungu nokuzikhandla uma ugijima, kuyafana. Besingakuboni kuwubulungiswa ukuthi imiklomelo yehluke. Yingakho sizijabulela izinguquko esizibona zenzeka.

MD: Wenzenjani umuntu ofisa ukuqala abe umgijimi osemthethweni?

NN: Ngingamkhuthaza ngokuthi aqale ngokujoyina iqembu (club) azogijima ngaphansi kwalo. Azimisele nokuzilolonga noma ikathathu (3) ngeviki. Emva kwalokho, uma eseqala ukugijima, kuhle aqale kancane ngokungenela imijaho engo 5km no 10km ukuze ajwayeze umzimba wakhe. 

MD: Kubaluleke kangakanani ukukhetha ukudla okudlayo uma ungumsubathi?

NN: Kubaluleke kakhulu. Kusemqoka ukudla izidlo ezinempilo, uyeke amafutha, udle ukudla okugxabhisiwe (boiled), izithelo nama-veji. Ukugijima kunzima, kudinga umzimba olula. Yingakho kumele ushintshe ukudla okudlayo uma uzimisele ukuphumelela kulo mkhakha. 

MD: Ungawakhuthaza ngokuthini amantombazane asafunda, ngokugijima?

NN: Izingane zethu zamantombazane ngifisa zibuyele kwezemidlalo, zilibambe iqhaza kwezokugijima, zingahlulwa ezinye izizwe.

MD: Uthini umyalezo ofisa ukuwudlulisa kwabesifazane abansundu?

NN: Ngifisa ukuthi, boSisi, boMama noGogo, ngiyanicela nincenge izinhliziyo zenu, nibuyele ekunyakaziseni imizimba yenu. Asisukumeni sonke, sizivocavoce ukuze siphilise imiqondo, imizimba nemiphefumulo yethu.”

UDABA LUBHALWE U MBALI DHLOMO

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *