Ushone ezokhipha icwecwe u-AKA

UKUBULAWA ngokudutshulwa kuka-Kiernan Jarryd Forbes (obaziwa ngo-AKA), kuphuce yena nabalandeli bakhe ithuba lokuthakasela ngokuphelele icwecwe (cd) lakhe elisha elethulwe ngomhlaka 24 ku-February 2023.

Okudale umunyu omkhulu ngalokhu ukuthi zonke izinhlelo beseziphothuliwe, sekulindwe nje usuku lokuba lelicwecwe elisihloko salo sithi, Mass Country, likhishwe.

Nokho izinhlelo ziqhubekile, i-Mass Country yethulelwe umhlaba wonke ngalolu suku, kwashoda yena kuphela u-AKA njengoba edutshulwe wabulawa ngaphandle kwenye yezindawo zokudla eziku-Florida Road eThekwini ngomhlaka 10 ku-February 2023.

Okunye okukhalise abantu abaningi ukuthi ushona nje, ubesanda kugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngomhlaka 28 January njengoba ebeqeda iminyaka engu-35.

Ezinhlelweni zakhe, wayesophe ukuthi umhlaka 24 ku-February 2023 kube usuku lokwethulwa kwe-album yakhe entsha, nokugubha ngokuphelele usuku lwakhe lokuzalwa, konke lokhu ezokwenzela eThekwini.

Abalandeli bakhe abaziwa nge-Megacy, balincome kakhulu iqophelo eliphezulu lomculo oqukethwe yileli cwecwe lika-AKA, obebuye aziwe ngo-Supa Mega.

IZITHOMBE: INTERNET

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *