Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

INTUTHUKO NEWCASTLE UKUSWELA umsebenzi wokuqashwa akuzange kuzidikibalise izinsizwa ezintathu ezihlala eSection 4 eMadadeni njengoba zikhethe ukusungula ibhizinisi lokuwashela abantu amateki. Ngokusho kuka Sabelo Khoza (28) okunguyena owaba nalo mbono, lo msebenzi bawuqala ngo 2021 emva kwe-lockdown eyayidalwe i-COVID-19. “Siqale ngokudayisa ugwayi ngasekhaya. Sithe uma sibona ukuthi ibhizinisi liyakhula, nemali iyanda, sacabanga enye into esingayenza, sakhetha… Continue reading Badinga i-container abenza ibhizinisi lokuwasha amateki

Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM

ULUSHO NEWS UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iZululand FM, etholakala ku-97.0 FM, uthi ukugaba ngephimbo lokusakaza akunanzuzo kulezi zinsuku uma ungenazo izicucu zemfundo ngoba indima yokusakaza ishintsha nsuku zonke. UThandwayimi ‘Siyalophikela’ Zwane (28) ushayela uhlelo olwaziwa nge ‘Hellow’ oluba njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusukela ngo-12:00 kuya ku-15:00 ntambama kwi Zululand FM ezinze edolobheni iMelmoth. Lo msakazi ungowase… Continue reading Uqhakambisa imfundo umsakazi we Zululand FM

Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

SIBANINGI okuyake kuthi uma siqeda ukudla, sidonse i-toothpick, sivungule ukudla okubhajwe emazinyweni ethu! Odokotela bamazinyo (dentists) bathi lokhu akulungile neze, futhi akumele ngabe siyakwenza ngoba kulimaza amazinyo, kwesinye isikhathi kwenza amazinyo ophe igazi ngenxa yokuhlokolozwa, noma kuvuvukalise izinsini. Odokotela bamazinyo babuye baxwayise nangokuthi i-toothpick ingenza kulimale umthofi (filling) uma ugcwalise amazinyo akho. Bathi futhi uma… Continue reading Asive sibaningi esisebenzisa i-toothpick, kanti ayilungile!

Yenza okuhlukile insizwa ethunga ama-bullet-proof vests

UVELE ahluleke nokuchaza, afikelwe yizinyembezi owesilisa osemncane waseMsinga oxhaswe ngemishini yokuthunga uMasipala wesiFunda uMzinyathi ngaphansi koPhiko lwe-Mzinyathi Development Agency. UMnu Mnandisa Mntungwa (osezithombeni) owenze izifundo zokusika ingqephu uthi namanje ngabe usabhuquza ekhaya ukube uMasipala awumxhasanga ngezinsiza-kusebenza ukuze avule ibhizinisi lokuthunga. Ngoxhaso lwale-Agency, uMnu Mntungwa uthengelwe imishini emibili engama-industrial sewing machines kanye ne-overlocker. Ngale mishini uthunga… Continue reading Yenza okuhlukile insizwa ethunga ama-bullet-proof vests

Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall

UMDWEBO: Sizobukeka kanje isithabathaba se-mall ezoba ngu 30 000 m2 ubukhulu, ezokwaziwa ngokuthi yi-Princess Mkabayi Mall e-Vryheid. Ngokusho kwenye yezinkampani ezingabakhi bale-mall, i-Moolmangroup, baqoke ukuyakha kule ndawo ngenxa yokuthuthuka nokwenyuka kwesibalo sabantu baleli dolobha namaphethelo. I-Princess Mkabayi Mall izoba ngaphandle kancane kwedolobha i-Vryheid kanti ayikude nezikole namalokishi. Phakathi kwezitolo ezihlongozwayo, kuzoba khona uShoprite, Checkers, Woolworths,… Continue reading Bazohlomula abantu base-Vryheid njengoba kwakhiwa isithabathaba se-mall

Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?

Pregnant woman with her tummy. Realistic female portrait - beautiful face, hairstyle, african-american ethnicity. Beauty dressed in vivid clothes, touching the belly. Side view. Perfect vector.

SEKUYI NSAKAVUKELA, umchilo wesidwaba ukubona abafundi abakhulelwe abangaphansi kweminyaka engu-19 emiphakathini esihlala kuyona. Ucwaningo olusanda kwenziwa lutshengisa ukuthi iNingizimu Africa inesibalo esiphezulu kakhulu sentsha ekhulelwayo kunawo wonke amazwe emhlabeni, kanti iminyaka yamantombazane akhulelwayo isukela ku-10 weminyaka! Ezweni lonke, abalelwa ngaphezulu kuka 90 000 amantombazane akhulelwa esafunda ezikoleni zamabanga aphansi phakathi kuka 2021 no 2022, kanti… Continue reading Bazali, nithule nithini ngokukhulelwa kwentsha?

Intsha ivule i-creche eMadundube

ABESIFAZANE abasebasha bavule inkulisa iSakha Ikusasa Day Care Centre eMphephethwa eMadundube ngaphansi kweNkosi uMkhize. Ngokusho kwabo, bahlangana baba bathathu (3) – uNksz Bongekile Shozi, uNksz Zethu Mkhize kanye no Nksz Luyanda Shange – bayivula lenkulisa ngo January 2022. “Ngokubona isidingo, sahlangana nodadewethu ngo November 2021 sayisungula inkulisa endaweni yangakithi njengoba yayingekho phambilini,” kusho uNksz Shange.… Continue reading Intsha ivule i-creche eMadundube

Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela

IMPILO ayiphindanga yafana kwizakhamizi ezisuka ezindaweni esize-south coast emva kwezikhukhula zanyakenye ezagugula ingxenye yebhuloho elihamba ujantshi wesitimela esisuka eThekwini siya e-south coast. Ngenkathi kuhlasele lezi zikhukhula ngonyaka odlule, ibhuloho elihamba izitimela elinqamula phezulu komfula Ilovu, lanqamuka phakathi laguguleka. Izitimela ebezivamise ukusuka eThekwini zilibangise eKelso eMzinto azisakwazi ukuhamba ngenxa yalesi sehlakalo kanti okwamanje zijika eZimbokodweni. Lokhu… Continue reading Bathwele kanzima ngenxa yokungasebenzi kwezitimela

Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole

ISIKOLE Indlandlama Combined Primary School engase Madundube sihlomule ngoxhaso lwezinto zokudlala ezilekelela abantwana besikole ukuthi banyakazise imizimba yabo uma besesikoleni. Ngokusho kuka Thishanhloko uMnu V. Mbambo, lolu xhaso luvela kudokotela onezindlu zokusebenzela eSiphingo. “Ngenxa yokusebenzisana okuhle okuphakathi kuka Dkt M. Mzukwa kanye nothisha besikole sethu, uDkt Mzukwa ubehlale ebabuza ukuthi yini angayenzela isikole njengoba ebuye… Continue reading Bayayijabulela imishini yokudlala esemagcekeni esikole

Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

UKUCISHA nokukhanya kuka gesi (load-shedding) kwenza iningi lethu lingakwazi ukusebenza kahle kulezi zinsuku. Uthi la usazimisele wenza umsebenzi, kuvele kuhambe ugesi, kucishe wena computer, kucishe wena cingo, kuphele ne-network. Angiphathi khona uma kunento ejahekile okumele uyenze – uvele ufikelwe isibhocobhoco ngoba uvele uphoqeleke ukuthi uhlale ugqolozele izindonga, noma ungene engutsheni ulale. Yingakho umbuzo enginawo uthi,… Continue reading Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding