Umbono WoMhleli (Editor's Comment)

Ikhathaza umphefumulo i-load-shedding

UKUCISHA nokukhanya kuka gesi (load-shedding) kwenza iningi lethu lingakwazi ukusebenza kahle kulezi zinsuku.

Uthi la usazimisele wenza umsebenzi, kuvele kuhambe ugesi, kucishe wena computer, kucishe wena cingo, kuphele ne-network. Angiphathi khona uma kunento ejahekile okumele uyenze – uvele ufikelwe isibhocobhoco ngoba uvele uphoqeleke ukuthi uhlale ugqolozele izindonga, noma ungene engutsheni ulale.

Yingakho umbuzo enginawo uthi, kazi iyophela nini le-load-shedding ngoba iyakhathaza.

Ngokubona kwami kungaba ngcono uma isimo sokuba khona kukagesi singasheshe silungiswe ukuze sikwazi ukubuyela esimweni sakudala lapho sasizisebenzela ngokuthula, ngaphandle kokuxakeka.

Uhulumeni kusazomele asebenze kanzima ukulungisa lesi simo ngoba njengamanje, izinto zitsheke kakhulu kulelizwe. Iphelile imisebenzi, bahleli emakhaya abantu, balambile, abanamali. Abanye balahlekelwe yikho konke abebenakho – imizi, izimoto, amabhizinisi.

Nobugebengu nabo budlangile njengoba izinswelaboya zithola ithuba lokuntshontsha nokwenza yonke imigilingwane lena ngoba kumnyama. Konke lokhu mina ngibona ukuthi umthelela omkhulu wako yiyo i-load-shedding.

Nokho mina ithemba ngisenalo lokuthi ngelinye ilanga indaba ye-load-shedding iyoba inganekwane exoxelwa abazukulu. Kodwa nga- phambi kokuba kwenzeke lokho, kuzodingeka ukuthi uhulumeni naye athi ukunyusa amasokisi! Sikhathele ukuphila ngobumnyama!!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *