Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding

BAKHALA mihla namalanga abantu base Ningizimu Africa ngenxa yokulimala kwempahla yabo esebenza ngogesi njengoba inkampani eyethulela lelizwe ugesi u-ESKOM, iwucisha iwukhanyisa nsukuzonke ugesi. Nakuba sekuneminyaka engaphezulu kuka-15 yilokhu yaqala kulelizwe i-load-shedding, kuyiqiniso elimsulwa ukuthi kusukela ngonyaka u-2022, yilapho okuqale khona ukukhuphuka kwezigaba (stages) zayo ngamalengiso njengoba kuyimanje izwe liyake libe ku-stage 06 kuya ku stage… Continue reading Kumanzonzo ngenxa ye-load-shedding

UNico uzinikele ekuxhaseni abantu abaswele

U NICHOLAS ‘Nico’ Jacobus (54) wayisungula ngo 2014 inhlangano yakhe engenzi nzuzo (NPO) i-Nico’s Support Group ngenhloso yokusiza abantu abaswele, nokubonga uNkulunkulu ngokumbuyisela esimweni ayisona manje empilweni emva kokulimala phambilini ngenkathi esengumdali we-rugby.

OGogo noMkhulu bagubhe usuku lwabo

BEKUKUHLE kudelile ngenkathi oGogo noMkhulu base-Balgray eMadlangeni begubha usuku lwabantu abadala (Senior Citizens’ Day) obeluhlelwe yinhlangano yabo i-Balgray Luncheon Club.

Wethule incwadi ngempilo yakhe uRobert Marawa

U-ROBERT Marawa, oyintandokazi kwezemidlalo, usanda kwethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe. Le ncwadi esihloko sayo sithi, ‘Gqimm Shelele’ ilandisa ngokukhula kwakhe, imfundo yakhe yamabanga aphansi, nokuqala kwakhe ukusebenza emsakazweni nakumabonakude ezinhlelweni eziningi zezemidlalo. Lencwadi itholakala ezitolo ezikhethekile lapho okudayiswa khona izincwadi.

Bathi awangabe esafuywa ama-pit bulls emakhaya

EMVA kwezehlakalo eziningi zokulunywa kanye nokufa kwabantu ngenxa yohlobo lwezinja ezingama-pit bulls, amalungu omphakathi ezweni asephakamise ukuthi uhulumeni akakhiphe umthetho othi azingabe zisafuywa emakhaya lezi zinja, noma okungenani, abaninizo mabazihambise ziye ukuyogcinwa enhlanganweni ebhekele ukuphathwa kwezilwane, i-Society for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA).